Hlola ngokwengxenye ebhekiwe

Igazi lenza umsebenzi obaluleke kakhulu emzimbeni wonke, okulenza libe ingxenye ebalulekile yempilo yonke. Ngocwaningo lwethu, sihlolisisa imithi yophenyo yomdlavuza wegazi kanye nokunye okuphazamiseka kwegazi.

Bheka izingcwaningo ze-hematology

I-MSD yazi amandla okuvimbela kanye nokubaluleka kwemigomo empilweni yomphakathi. Sisebenzela ukuthuthukisa imigomo yosiza ekuvimbeleni abantu abaningi ekuphathweni yizifo ezimbi.

Bheka izingcwaningo zomgomo

I-neurological (izimo zobuchopho nezinzwa) ingokunye okuyinselele kakhulu ocwaningweni. Umgomo wethu ukucwaninga, ukuvivinya, nokuthuthukisa imithi esebenza kangcono neqondile yezimo ezinjenge-Alzheimer’s, ukucindezeleka, ne-schizophrenia.

Buka izingcwaningo ze-neurosciences

Izingcwaningo zethu zezokwelapha zisiza odokotela ukuthola ukuthi imithi yophenyo iyodwa, noma lapho ihlanganiswe neminye imithi, ingathuthukisa yini impilo yabantu abanomdlavuza.

Bheka izingcwaningo ze-oncology

Sinikele iminyike engaphezu kuka-60 ocwaningweni lwezifo zenhliziyo. Ucwaningo lwethu olukhulu lugxile ekutholeni imithi emisha yomfutho ophakeme wegazi (i-high blood pressure) kanye nezinye izimo eziningi zesifo senhliziyo (imithambo yenhliziyo negazi).

 

Bheka izingcwaningo zesifo senhliziyo

Izindawo esigxile kuzo ezimweni zamahomoni (i-endocrinology) zisukela ezimweni ezivamile ezinjengesifo sikashukela ukuya ku-MASH (i-metabolic dysfunction-associated steatohepatitis).

Bheka izingcwaningo zesifo sikashukela ne-endrocninology

Kusukela ekuthuthukiseni imigomo ye-Ebola ukuya ekubeni abokuqala ukucwaninga nge-HIV, i-MSD inomlando omude ekulweni nosongo lwempilo emhlabeni wonke olubangelwa izifo ezithelelwanayo.

Bheka izingcwaningo zesifo esithelelwanayo

Uhlelo lokuphefumula (ukufaka nokukhipha umoya) luyinkimbinkimbi futhi luhilela izitho eziningi ezihlukahlukene. Ucwaningo lwethu lugxile ekutholeni izindlela yokusiza ekulweni nezinkinga eziphazamisa ukuphefumula kanye namasosha omzimba.

Bheka izingcwaningo zokuphefumula namasosha omzimba

Umlando wethu omude wesayense yezokwelapha

Sichithe iminyaka engu-130 edlule sigxile ocwaningweni nasezindleleni ezintsha zokusisiza sisindise nokuthuthukisa ukuphila. Ngocwaningo lomhlaba wonke oluqhutshwa isayensi, silondoloza ukuzinikela kwethu ukuqhubeka ekufinyeleleni impilo engcono.

Funda Okwengeziwe

Ukuhlakuhluka kophenyo lwethu locwaningo lwezokwelapha

Abantu abahlukene bangase babe nokusabela okuhlukile ekwelashweni okufanayo ngokusekelwe eminyakeni yabo yobudala, ubulili, isisindo, uhlanga, ubuzwe, nezinye izici. Izingcwaningo zezokwelapha zincike kumavolontiya ukuthi abambe iqhaza, futhi kubalulekile ukuba lawa mavolontiya avele ezizindeni ezihlukahlukene. Ngokufaka abantu bezizinda ezingafani, izingcwaningo zezokwelapha zingabonisa ukuthi imithi iphepheli nokuthi isabeza kahle yini kubantu bemiphakathi ehlukahlukene.

Funda Okwengeziwe

Izinsiza zeziguli nabanakekeli

Kungakhathaliseki ukuthi uyisiguli noma ungumnakekeli, sebenzisa lezi zinsiza ukuthola ukuthi wena noma othandekayo wakho angafaneleka ukubamba iqhaza ocwaningweni lwezokwelapha yini.