Hlola ngokwengxenye ebhekiwe

heme_img

Igazi lenza umsebenzi obaluleke kakhulu emzimbeni wonke, okulenza libe ingxenye ebalulekile yempilo yonke. Ngocwaningo lwethu, sihlolisisa imithi yophenyo yomdlavuza wegazi kanye nokunye okuphazamiseka kwegazi.

Bheka izingcwaningo ze-hematology

vac

I-MSD yazi amandla okuvimbela kanye nokubaluleka kwemigomo empilweni yomphakathi. Sisebenzela ukuthuthukisa imigomo yosiza ekuvimbeleni abantu abaningi ekuphathweni yizifo ezimbi.

Bheka izingcwaningo zomgomo

neuro

I-neurological (izimo zobuchopho nezinzwa) ingokunye okuyinselele kakhulu ocwaningweni. Umgomo wethu ukucwaninga, ukuvivinya, nokuthuthukisa imithi esebenza kangcono neqondile yezimo ezinjenge-Alzheimer’s, ukucindezeleka, ne-schizophrenia.

Buka izingcwaningo ze-neurosciences

oncology-V2

Izingcwaningo zethu zezokwelapha zisiza odokotela ukuthola ukuthi imithi yophenyo iyodwa, noma lapho ihlanganiswe neminye imithi, ingathuthukisa yini impilo yabantu abanomdlavuza.

Bheka izingcwaningo ze-oncology

cardio

Sinikele iminyike engaphezu kuka-60 ocwaningweni lwezifo zenhliziyo. Ucwaningo lwethu olukhulu lugxile ekutholeni imithi emisha yomfutho ophakeme wegazi (i-high blood pressure) kanye nezinye izimo eziningi zesifo senhliziyo (imithambo yenhliziyo negazi).

 

Bheka izingcwaningo zesifo senhliziyo

diabetic

Izindawo esigxile kuzo ezimweni zamahomoni (i-endocrinology) zisukela ezimweni ezivamile ezinjengesifo sikashukela ukuya ku-MASH (i-metabolic dysfunction-associated steatohepatitis).

Bheka izingcwaningo zesifo sikashukela ne-endrocninology

viral-1

Kusukela ekuthuthukiseni imigomo ye-Ebola ukuya ekubeni abokuqala ukucwaninga nge-HIV, i-MSD inomlando omude ekulweni nosongo lwempilo emhlabeni wonke olubangelwa izifo ezithelelwanayo.

Bheka izingcwaningo zesifo esithelelwanayo

respiratory-V2

Uhlelo lokuphefumula (ukufaka nokukhipha umoya) luyinkimbinkimbi futhi luhilela izitho eziningi ezihlukahlukene. Ucwaningo lwethu lugxile ekutholeni izindlela yokusiza ekulweni nezinkinga eziphazamisa ukuphefumula kanye namasosha omzimba.

Bheka izingcwaningo zokuphefumula namasosha omzimba
hero_discovery-teal_hi_300dpi-scaled

Umlando wethu omude wesayense yezokwelapha

Sichithe iminyaka engu-130 edlule sigxile ocwaningweni nasezindleleni ezintsha zokusisiza sisindise nokuthuthukisa ukuphila. Ngocwaningo lomhlaba wonke oluqhutshwa isayensi, silondoloza ukuzinikela kwethu ukuqhubeka ekufinyeleleni impilo engcono.

Funda Okwengeziwe

Ukuhlakuhluka kophenyo lwethu locwaningo lwezokwelapha

Abantu abahlukene bangase babe nokusabela okuhlukile ekwelashweni okufanayo ngokusekelwe eminyakeni yabo yobudala, ubulili, isisindo, uhlanga, ubuzwe, nezinye izici. Izingcwaningo zezokwelapha zincike kumavolontiya ukuthi abambe iqhaza, futhi kubalulekile ukuba lawa mavolontiya avele ezizindeni ezihlukahlukene. Ngokufaka abantu bezizinda ezingafani, izingcwaningo zezokwelapha zingabonisa ukuthi imithi iphepheli nokuthi isabeza kahle yini kubantu bemiphakathi ehlukahlukene.

Funda Okwengeziwe

GettyImages-1196955874
GettyImages-1211642777

Izinsiza zeziguli nabanakekeli

Kungakhathaliseki ukuthi uyisiguli noma ungumnakekeli, sebenzisa lezi zinsiza ukuthola ukuthi wena noma othandekayo wakho angafaneleka ukubamba iqhaza ocwaningweni lwezokwelapha yini.