Ukulingana ophenyweni locwaningo lwezokwelapha: Kusho ukuthini?

Siyazi ukuthi abantu abahlukahlukene bangasabela ngezindela ezingafani ekwelashweni okufanayo kuye ngeminyaka, ubulili, isisindo, uhlanga, ubuzwe, nezinye izici. Ukulingana ezingcwaningweni zezokwelapha kusho ukuthi ababambiqhaza ezingcwaningweni zezokwelapha bamelela abantu cishe abanesimo esifanayo sempilo futhi abadinga ukwelashwa okuhlola ucwaningo. Nokho, siyaqaphela ukuthi ukungafani kwempilo emiphakathi yebala kubangele igebe lesayensi kanye nokuthuthukiswa kwemithi esindisa ukuphila kubo bonke. Ukumisa ucwaningo olunokulingana locwaningo lwezokwelapha, kusanomsebenzi
omkhulu okumele siwenze.

Ukungalingani ocwaningweni lwezokwelapha

5mlandweni wocwaningo lwezokwelapha, uhlanga lwabantu nesimo senhlalo nemnotho ngokuvamile besitshenziswa ngokumelene nabo. Lokhu kubangele ukungathembani emphakathini wezemithi nasocwaningweni lwezokwelapha emiphakathini eminingi yebala.”

Ngeke siwushintshe umlando, notho singafunda emaphutheni awo futhi senzo kangcono. I-Merck imise izinhlelo nezinqubomgomo ukuqinisekisa ucwaningo olusobala kanye nokufinyeleleka okulinganayo kwezingcwaningo zethu zezokwelapha.

Esikwenzayo ngakho

Sizama ukunciphisa ukuhluka ngokubhalisa ababambiqhaza abaningi ezingcwaningweni zethu zezokwelapha ukuqinisekisa ukuthi imigomo yethu nemithi iyasebenzisa ebuzweni, ohlangeni nasebulilini bonke.

Ukukhetha izikhungo zocwaningo lwezokweelapha sicabangela ukufaka abantu abahlukahlukene

Sizimisele ukusebenzisana nezikhungo zocwaningo ezinenani leziguli ezihlukahlukene njengathi.

Ukusebenzisana namalungu omphakathi

Sibheka izinhlangano zomphakathi ezindaweni zesikhungo socwaningo ukuba zisisize sakhe ukwethenjelwa nokwandisa ukubamba iqhaza komphakathi ocwaningweni lwethu.

Ukufinyelela nokuxhumana okuvumelana nezimo

Sinikeza ukuqeqesha emaqenjini ocwaningo ukusebenzisa amathuluzi okufundisa avumelana futhi anikeza ulwazi eqenjini elithile leziguli.

Ukuzibophezela ekuhlukahlukeni

Sizibophezele ekubhaliseni abantu abahlukahlukene ezingcwaningweni zethu zezokwelapha emhlabeni wonke, njengokuthi:

  • Abantu bebala
  • buzwe obuhlukene
  • Ubulili neminyaka ehlukene
  • I-LGBTQI+
  • Abantu bezizinda ezingafani ngokwenhlalo nomnotho

Ukubhalisa kwethu ezingcwaningweni zezokwelapha kuqhubekela phambi kushintsha ukuze sifinyelele ukulingana okufanele kwababambiqhaza ukusisiza senze imithi emisha ngokuphepha kubo bonke abantu.

Izingcwaningo zezokwelashwa zasemhlabeni jikelele

Senza izingcwaningo zezokwelapha zethu emazweni engaphezu kuka-50 ukuqinisekisa ukuthi imithi nemigomo yethu ihlangabezana nezidingo zabantu emhlabeni wonke.

 

Lazarex-podcast-hero-UPDATE

Indlela yokunciphisa igebe ezingcwaningweni zezokwelapha zomdlavuza

Isekela lomphathi oyinhloko le-MSD lihlale phansi nabaholi be-Lazarex Cancer Foundation ukuxoxa ngokuhlukahlukana kwezingcwaningo zezokwelapha zomdlavuza nomsebenzi okusamele wenziwe ukufinyelela ukulingana.
Lalela ku-MSD.com
prioritizing-dict-featured-image

Kungani kubaluleke kangaka ukulingana ezingcwaningweni zezokwelapha?

Ukuhlukahluka kwezingcwaningo zezokwelapha kuyingxenye ebalulekile yokuzibophezela kwethu ekulinganeni ngokwempilo.
Funda okwengeziwe ku-MSD.com
Diversity-Inclusion-Getty-1159378465-Wheelchair-02-HI

Ukugqgquzela ukusungula izindlela ezintsha ngokuhlukahluka nokuhlanganisa abanye

Ngaphezu kwezingcwaningo zezokwelapha, siyazi ukuthi ukuzibophela ekuhlukahlukeni ocwaningweni kuqala ngaphakathi, kubantu esibaqashayo ukuya kulabo esibakhetha njengozakwethu.
Funda okwengeziwe ku-MSD.com