Izinkulungwane zabantu zivolontiya ukubamba iqhaza ezingcwaningweni zezokwelapha unyaka ngamunye.

Inqubekela phambili yethu yezokwelapha ingenziwa kuphela ngemizamo yabantu abaningi, ikakhulukazi ezigulini ezivolontiya ezingcwaningweni zezokwelapha. Lapho ucabangela ucwaningo lwezokwelapha, kungasiza ukuqonda inqubo yokubamba iqhaza ukwazi ukuthi ungalindelani. Sifuna ukukusiza, umndeni wakho, kanye nodokotela wakho ukuba akwenzele isinqumo esifanele.

Ngaphambi kokuhlolwa

Ngaphambi kokuhlolwa, iqembu lizohlola impilo yakho. Uma kudingeka, lizokwenza izivivinyo ukubona ukuthi ufinyelele imibandela yokufaneleka esohlwini lwephrothokholi. Iphrothokholi icebo elibhaliwe locwaningo lwezokwelapha, kuhlanganise imigomo, umklamo, nendlela oliyophendula ngayo imibuzo ngenjongo yocwaningo. Iqembu futhi lizobuyekeza nawe imiyalelo yokubamba iqhaza ocwaningweni.

Imvume esekelwe olwazini

Imvume esekelwe olwazini inqubo lapho abacwaningi bekhuluma nabantu abacangela ukubhalisa, noma asebebhalisile, ocwaningweni lwezokwelapha. Bazokucela ufunde ifomu lemvume esekelwe olwazini (ICF) elichaza izinzuzo okungenzeka zibe khona noma izingozi zokubamba iqhaza. Ikutshela ukuthi ukubamba iqhaza ocwaningweni ukwenza ngokuzithandela, nanokuthi ungashiya ucwaningo nganoma yisiphi isikhathi.

Umgomo wenqubo yemvume esekelwe olwazini ukuvikela ababambiqhaza ababhalisela izingcwaningo zezokwelapha. Inqubo yemvume esekelwe olwazini iqala lapha lowo ocabangela ukubamba iqhaza eqala ukubuza ngolwazi oluphathelene nocwaningo futhi eqhubekela phambi kuze kuphele ucwaningo.

Nakuba i-ICF ihlanganisa ulwazi oluningi udinga ukulazi ukuze ubamba iqhaza, kungenzeka ingahlanganisi eminye imibuzo yendlela ucwaningo lwezokwelapha olungathinta ngayo ukuphila kwakho kwansuku zonke. Vakashela Ingxenye ethi ongakucabangela ukuthola uhlu lwemibuzo ongayibuza iqembu lakho locwaningo.

Ukuhlola

Lapho ususayine i-ICF, iqembu locwaningo lizobuyekeza umlando wakho wezokwelapha, wuhlole umzimba, wenze izivivinyo (uma kudingeka), futhi lenze isinqumo sokuthi uyalufanelekela yini ucwaningo lwezokwelapha. Uma ucwaningo ludinga ukuba umise ukuthatha imithi ethile, kumele ukwenze lokho ungakaqali umuthi wophenyo.

Ukubamba iqhaza ocwaningweni

Okwenzekayo ngesikhathi sokubamba iqhaza ocwaningweni kuncike ohlotsheni locwaningo. Iqembu locwaningo lizokwazisa lokho okuzokwenzeka ngesikhathi sokumba iqhaza futhi lizophendula noma yimiphi imibuzo onayo. Kungenzeka kudingeke wenze lezinto ezilandelayo:

  • Ukwenza ukuvakasha ngocingo noma ngokoqobo kudokotela (lokhu kungahlukana ngezinsuku, amasonto, noma izinyanga)
  • Bhala kudayari noma i-eDiary (idayari yezobuchwepheshe)
  • Gcwalisa izinhlolovo
  • Yenza ukuhlola okunjengokuhlolwa kwegazi, ama-X-ray, noma okunye
  • Nikeza amasampula, njengomchamo noma igazi

Ukulandelela

Lapho ucwaningo seluphelile, iqembu locwaningo kungenzeke lenze ukulandelela kocingo noma ukuvakasha ukuzohlola impilo yakho nokubhala noma yiluphi ushintsho olwenzekile. Iqembu locwaningo lizokwazisa ngaphambi kokujoyina ucwaningo uma kudingeka wenze ukulandelela.

Ukuphepha kwakho kubalulekile

Akukho okubaluleke ngaphezu kokuqinisekisa ukuthi ababambiqhaza bazizwa bephephile lapho bebamba iqhaza ocwaningweni lwezokwelapha. Ungakhetha ukushiya ucwaningo nganoma yisiphi isikhathi, nganoma yisiphi isizathu. Ngeke kuphazamise ukunakekelwa kwakho kokwelashwa.