Ingabe usanemibuzo?
Ingxenye yethu ethi Imibuzo Evamile inezimpendulo zemibuzo evame ukubuzwa kanye nohlu lwamagama okumele uwazi.
Ucwaningo Lwezokwelapha
Okusebenzayo, akubhaliswa abasha
Ucwaningo lwezokwelapha luyaqhubeka, nokho abacwaningi abafuni ababambiqhaza abengeziwe manje.
Isenzakalo esibi
Inkinga yokwelapha eyenzekayo noma eba yimbi ngesikhathi socwaningo lwezokwelapha noma phakathi nenkathi ethile ngemva kokuphela kocwaningo. Isenzakalo esibi kungenzeka noma kungenzeki ukuba sibangelwe umuthi wophenyo othathwa umuntu.
Ucwaningo lwezokwelapha (noma ucwaningo lophenyo)
Ucwaningo lwezokwelapha isifundo sophenyo esihlelelwe ukufunda indlela imizimba yethu esabela ngayo emithini yophenyo noma okunye ukwelashwa kophenyo. Ngesikhathi socwaningo lwezokwelapha, ababambiqhaza babelwa ukuthola muthi noma ngeziye izikhathi, abatholi muthi. Ngokuvamile injongo yocwaningo ukuthola izindlela zokuvimbela, ukuxilonga, noma ukwelapha isifo noma esinye esimo sempilo.
Izigaba zocwaningo lwezokwelapha
Noma yimuphi umuthi (umgomo, umuthi, idivayisi yokwelapha, noma inqubo) kumele idlule ezigabeni ezi-3 zezingcwaningo zokwelapha. Isigaba ngasinye sihlola ukuphepha kokwelashwa, ukuthi kusebenza kahle kangakanani, inani (umthamo), kanye nemiphumela engemihle.
Isimo
Isifo, ukuphazamiseka, i-syndrome, ukugula, noma ukulimala okuphenywa abacwaningi.
Ucwaningo olulawulwayo
Uhlobo locwaningo lwezokwelapha oluqhathanisa umuthi othile kanye nomunye umuthi. Ngokuvamile, umuthi wophenyo omusha uqhathaniswa nomuthi ovamile noma ojwayelekile (obizwa ngokuthi owukulawula). Ukulawula kungaba iqembu lababambiqhaza ocwaningweni olufanayo noma iqembu lababambiqhaza basocwaningweni noma uphenyo olwedlule.
Imibandela yokufaneleka
Izimfuneko zocwaningo lwezokwelapha kubantu abafuna ukujoyina. Lokhu kuhlanganisa imibandela yokufakwa (izici ezivumela umuntu ukujoyina ucwaningo) kanye nemibandela yokungafakwa (izici ezivimbela umuntu ukujoyina ucwaningo). Ngokwesibonelo, kungenzeka ucwaningo lwamukele kuphela ababambiqhaza abangaphezu noma ngaphansi kweminyaka ethile.
Ukubhalisa
Inani lababambiqhaza ocwaningweni lwezokwelapha. “Ukubhalisa okulinganiselwayo” inani lababambiqhaza abadingwa abacwaningi ocwaningweni.
Imibandela yokungafakwa
Izici (noma izizathu) ezivimbela umuntu ukujoyina ucwaningo lwezokwelapha.
Ukufinyelela okunwetshiwe
Inqubo iqondiswa ama-ejensi omthetho evumela izinkampani zemithi ukwenza umuthi omusha ophenywayo (ngaphambi kokugunyazwa kwawo) ezigulini ezinezifo ezibucayi noma izimo ezingakwazi ukubamba iqhaza ocwaningweni lwezokwelapha.
Imibandela yokufakwa
Izici (noma izizathu) ezivumela umuntu ukujoyina ucwaningo lwezokwelapha.
Imvume esekelwe olwazini
Imvume esekelwe olwazini inqubo lapho abacwaningi bekhuluma nabantu abacabangela ukubhalisa, noma asebebhalisile, ocwaningweni lwezokwelapha. Bazocela ukuba ufunde ifomu lemvume esekelwe olwazini (ICF) echaza izinzuzo nezingozi ezingaba khona. Ikutshela ukuthi ukubamba iqhaza ocwaningweni ukwenza ngokuzithandela, nanokuthi ungashiya ucwaningo nganoma yisiphi isikhathi.
Umgomo wenqubo yemvume esekelwe olwazini ukuvikela ababambiqhaza ababhalisela izingcwaningo zezokwelapha. Inqubo yemvume esekelwe olwazini iqala lapha lowo ocabangela ukubamba iqhaza eqala ukubuza ngolwazi oluphathelene nocwaningo futhi eqhubekela phambi kuze kuphele ucwaningo.
Ifomu lemvume esekelwe olwazini (ICF)
Idokhumenti esetshenziselwa inqubo yemvume esekelwe elwazini.
Umuthi wophenyo
Umuthi noma umkhiqizo wezinto eziphilayo osetshenziswa ocwaningweni lwezokwelapha nokho awugunyaziwe igunya lezempilo (umuthi awukatholakali ukuba ukhishwe odokotela noma uyatholaka kodwa awugunyaziwe igunya lezempilo ukusetshenziselwa injongo ecwaningwayo).
Ikomiti Elizimele Lezimiso Zokuziphatha (IEC)
I-IEC ikomiti lodokotela, izazi zezibalo, abameli bomphakathi, nabanye abasiza ukuqinisekisa ukuthi ucwaningo lwezokwelapha luqhutshwa ngokwezimiso zomthetho nokuvikelwa kwamalungelo ababambiqhaza bocwaningo. Zonke izikhungo eziqhuba noma ezisekela uphenyo lwe-biomedical oluhilela abantu kumele, ngokomthetho, zibe ne-IEC iqala ngokugunyaza futhi ngezikhathi ezithile ibuyekeze uphenyo.
Izingcwaningo ezivulekile
Izingcwaningo ezibhalisa ababambiqhaza manje noma esikhathini esizayo, noma ezihlanganisa imithi etholakalayo yokufinyeleleka okunwetshiwe (zingasetshenziswa iziguli ezithile ngaphambi kokukugunyazwa ama-ejensi omthetho).
Umuthi-mbumbulu
Into efana ncamashi engenawo umuthi. Umuthi-mbumbulu wenziwe ukumba ubonakale, unambitheke, futhi ube omuthi ofana nowocwaningo.
Iphrothokholi
Incazelo ebhaliwe yocwaningo lwezokwelapha. Kuhlanganisa imigomo, umklamo, nezindlela zocwaningo. Futhi kungahlanganisa idatha nolwazi oluyisisekelo oluhlobene nesayensi.
Umxhasi
Inhlangano noma umuntu oqala ucwaningo, alukhokhelele, futhi unegunya kanye nokululawula.
Imigomo
Ukwelashwa okusiza ukuhlinzeka ngokuvikeleka ekuthelelekeni okuthile, ngokuvamile okunikezwa njengomjovo.
Ingabe usanemibuzo?
Ingxenye yethu ethi Imibuzo Evamile inezimpendulo zemibuzo evame ukubuzwa kanye nohlu lwamagama okumele uwazi.
