
Abantu abangaphezu kwezigidi eziyi-126 baphethwe isifo senhliziyo emahlabeni wonke.
Lelo nani liyakhula unyaka ngamunye, okwandisa isidingo sezinketho ezengeziwe zokwelashwa. Njalo sicwaninga izindlela zokulwa nesifo senhliziyo futhi
sihamba phambi ocwaningweni lwesifo senhilziyo ngaphezu kweminyaka eyi-60. Sizibophezele ekuqhubekeni nocwaningo lwethu sinethemba lokuthi
sizothuthukisa ukunakekelwa kweziguli.
Isifo Senhliziyo
Isifo senhliziyo esivamile kakhulu isifo se-coronary artery, esibangela isifo senhliziyo nonhlangothi. Nokho, igama elithi isifo senhliziyo (cardiovascular disease (CVD)) lihlanganisa izimo ezithinta inhliziyo futhi zingahlanganisa nezitho nezimiso ze-molecular (njengamafutha egazi, i-coagulation ne-thrombosis, izinso, namaphaphu, ngokuhlobana nokujikeleza kwegazi). Ngokwengeziwe, izimo ezinjengomfutho ophakeme wegazi zingaba nomthelela esifweni senhliziyo.
I-MSD icwaninga ngezimo ezihlukahlukene iziguli ezibhekana nazo ngokuphathelene nesifo senhliziyo.


