Ukuxoxa neqembu lakho lokukweseka ngokujoyina ucwaningo lwezokwelapha

Umkhaya nabangani bakho bangakucebisa nokukweseka futhi bakusize ukwenza isinqumo sokugcina ngokujoyina ucwaningo lwezokwelapha. Qala ngokubatshela izinto ozifundile ezingcwaningweni zezokwelapha, futhi ukulungele ukuphendula imibuzo yabo.

Isikhathi sibalulekile

Ngokuphathelene nempilo yakho, kungaba kuhle ukuba uzinike isikhathi uqoqe ulwazi, uhlole izinketho, futhi uzindle ngakho. Yingakho kubalulekile ukukhetha isikhathi esihle sokukhuluma nabathandekayo bakho.

Thola isikhathi lapho ningahlala phansi, uma kwenzeka, futhi ubabonise ukuthi ukukusekela kwabo kushoni kuwe. Ngakho uzozizwa ukhululekile futhi ukhulume ngokukhululeka.

Qala ngesizathu esikwenza ufune ukujoyina ucwaningo lwezokwelapha

Kunesizathu esenza ukuba unqume ukuhlola izinketho zocwaningo lwezokwelapha. Qala lapha. Chaza umqondo wakho nalokho onethemba lokukuthola ngokubamba iqhaza ocwaningweni lwezokwelapha.

Nakuba abantu bengaqondi ekuqaleni, bangaqhubeka bekuthakasela ukuzwa izizathu zakho. Khuluma iqiniso manyelana nezingozi nezinzuzo zokubamba iqhaza.

Phendula imibuzo yabo ngokwethembeka

kuNgesinye isikhathi ocwaningweni lwezokwelapha umnakekeli uzodinga ukukusiza, njengokuhamba nawe esikhungweni socwaningo, ukunakekele ikhaya lakho lapho usesibhedlela, noma ukuphelezela ekuvakasheni kocwaningo ukukweseka. Lokhu kusho ukuthi uzodlala indima ebalulekile lapho ubamba iqhaza ocwaningweni lwezokwelapha. Kungenzeka babe nemibuzo ngalokhu.

Yabelana ngezimpendulo zethu zemibuzo evamile nezizathu zakho zokubasiza baqonde.

Kungakhathaliseki ukuthi ukhetha yiphi indlela yokusondela kwabathandekayo bakho, khumbula ukuthi nabo banokuhlangenwe nakho kwabo, imizwa, nemibono. Kubalulekile ukuba ucabangisise ngamacebiso abo, nokho ukunquma ukuthi ubamba iqhaza noma cha kuyisinqumo sakho siqu.

Ukuxoxa nodokotela wakho

Udokotela wesilisa uchazela isiguli sowesilisa okuthile ku-clipboard.

Ukunquma ukujoyina ucwaningo lwezokwelapha akusona isinqumo esilula. Kumele uqiniseke ukuthi uthola ulwazi futhi uzizwa ukhululekile ngesinqumo sakho.

Njengoba udokotela wakho ekwazi kanye nomlando wakho wezokwelapha, angakusiza ukunquma ukuthi ukubamba iqhaza kuyisinqumo esihle yini. Hlela ukuvakashela udokotela, njengengxenye yokuvakasha okulandelayo, yabelana ngolwazi mayelana nocwaningo futhi ukulungele ukuphendula imibuzo, enjengokuthi:

  • Ungangitshelani ngalolu cwaningo lwezokwelapha? Ngingaluthola kuphi ulwazi olwengeziwe?
  • Yiziphi izingozi nezinzuzo uma ngibamba iqhaza?
  • Ingabe ngizokwazi ukuqhubeka ngiza kuwe njengodokotela wami, noma kudingeka ngishintshele kudokotela wocwaningo?
  • Uma kudingeka ngishintshe, ingabe ngisasokwazi ukukubona nawe?
  • Ingabe kukhona okukukhathazyo ngokusebenzisa imithi phakathi komuthi wophenyo nemithi engiyithathayo manje?
  • Yiziphi ezinye izinketho ngaphandle kocwaningo lwezokwelapha?

Ungathola izimpendulo zeminye yemibuzo engaphezulu ohlwini locwaningo lwezokwelapha. Sinesiqondiso esithi “Ukuqonda uhlu locwaningo lwezokwelapha” ukuze sikusize.