
Sizibophezele emsebenzini wethu wokubhalisa abantu abasisiza ukuthuthukisa impilo yabantu abanomdlavuza. Ucwaningo lwezokwelapha lwethu lomdlavuza wendlala yesinye lucwaninga ngemithi yophenyo, noma okuhlanganisa eminye imithi yocwaningo, noma ukwelapha kokunakekelwa okuvamile. Senza ucwaningo ukubona ukuthi lungasisiza yini ukuvimbela, ukuthola, noma ukwelapha umdlavuza.
Umdlavuza wendlala yesinye uqala lapho amaseli ngaphansi kwendlala yesinye ekhula ngokushesha. Njengoba amaseli omdlavuza ekhula, enza isimila futhi kungenzeka sibalalele kwezinye izindawo zomzimba.
Umdlavuza usabalale ngaphezu kwendlala yesinye ubuziwa ngokuthi umdlavuza wendlela yesinye osabalalayo. Amahomoni abesilisa (njenge-testosterone) asiza ekukhuliseni umdlavuza wendlala yesinye, amanye amadoda anomdlavuza wendlala yesinye osabalalayo athola ukwelashwa kwamahomoni njengomuthi wokuqala. Lokhu kwelashwa kwenzelwe ukwehlisa amazinga omzimba wamahomoni owesilisa ukunciphisa umdlavuza wendlala yesinye kanye nezinye izindawo lapho osabalalele khona. Nokho, umdlavuza wendlala yesinye ungakhula ekugcineni futhi udinga ukwelapha okwengeziwe ukusisiza simise noma sehlise ukukhula kwesifo. Lapha yilapho umdlavuza we-prostate ubizwa ngokuthi i-metastatic castration resistant prostate cancer (mCRPC).


