Inombolo yereferensi yocwaningo

Isihlonzi se-ClinicalTrials.gov inombolo yesihlozi esetshenziswa i-ClinicalTrials.gov ukwabela ocwaningweni lwezokwelapha uma kubhaliswa. Inombolo yesihlonzi socwaningo iyifomethi ethi “NCTXXXXXXXX”. Ucwaningo alubhalisiwe kuze kube yilapho kwabelwe inombolo yesihlonzi socwaningo.

Igama locwaningo

Isihloko esisemthethweni socwaningo lwezokwelapha. Ngesinye isikhathi ucwaningo luba nesihloko esifushane esibhalwe ngolimi okulula ngomphakathi ukuluqonda.

Injongo yocwaningo

Injongo eyinhloko yocwaningo lwezokwelapha. Injongo eyinhloko yezinhlobo zokwelapha, ukuvimbela, ukuxilogwa, isizinda sokuphila (ukunakekelwe kokuseka), ukuhlolwa, nokunye.

Ukufaneleka

Izimfuneko zocwaningo lwezokwelapha (imibandela) kubantu abafuna ukujoyina. Izici zokufaneleka zihlanganisa:

  • Imibandela yokufaneleka, izici (njengobudala, uhlanga, ubulili, noma esinye isimo) ezivumela umuntu ukujoyina ucwaningo
  • Imibandela yokungafakwa, okuyizici noma izimo ezingavumelekile ngokomthetho

Ngokuphathelene nocwaningo lwezokwelapha/uhlelo locwaningo

Izindlela zocwaningo kanye namasu asetshenzisayo ocwaningweni lwezokwelapha.

Izigaba zocwaningo

Isigaba socwaningo lwezokwelapha, okuyinombolo 1 ukuya ku-4. Isigaba sisekelwe imigomweni yocwaningo, inani lababambiqhaza, kanye nezinye izici.

Funda okwengeziwe mayelana nezigaba ezi-4 zocwaningo lwezokwelapha

Izinsuku zocwaningo

Usuku lokuqala usuku lapho umbambiqhaza wokuqala ebhaliswe ngalo ocwaningweni lwezokwelapha. Usuku lokuqala “olulinganiselwe” usuku lapho abacwaningi becabanga ukuthi ucwaningo lwaqala ngalo.

Ingabe usanemibuzo?

Ukuqonda ucwaningo lwezokwelapha kubalulekile lapho wenza isinqumo sokubamba iqhaza kulo. Ingxenye yethu ethi Imibuzo Evamile inezimpendulo zemibuzo evame ukubuzwa kanye nohlu lwamagama okumele uwazi.

Imibuzo Evamile

Uhlu lwamagama